Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 115:16 - IsiZulu 2020

16 Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izulu, yebo, izulu ngelikaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 115:16
14 Referans Kwoze  

umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe:


Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo.


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


Thobisa amazulu akho, Simakade, wehle, thinta izintaba, zithunqe.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo.


Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.


Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.


“Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite