Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 113:3 - IsiZulu 2020

3 Malidunyiswe igama likaSimakade, kusukela ekuphumeni kwelanga, lize liyoshona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo, ibizo leNkosi kumele lidunyiswe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 113:3
14 Referans Kwoze  

“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.


Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu, zinjalo nezibongo zakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba, isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite