Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 112:4 - IsiZulu 2020

4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 112:4
26 Referans Kwoze  

Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.


unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile.


Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.


Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni;


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


USimakade unomusa, ulungile, uNkulunkulu wethu unobubele.


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite