Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 111:4 - IsiZulu 2020

4 Wenze ukuba izimangaliso zakhe zikhunjulwe, uSimakade unomusa nobubele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wenza abantu bacabange ngezimangaliso zakhe: uJehova ulomusa lesihawu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 111:4
21 Referans Kwoze  

Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.


Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu.


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Uma nibuyela kuSimakade, abafowenu nabantwana benu bayofumana umusa kwababathumbayo babuyele kuleli lizwe, ngoba uSimakade uNkulunkulu wenu ulungile, unomusa; akayukunifulathela, uma nibuyela kuye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite