Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 111:2 - IsiZulu 2020

2 Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Imisebenzi kaJehova mikhulu, ifunwa yibo bonke abathokoza ngayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 111:2
28 Referans Kwoze  

Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.


Ngiyazikhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.


Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?


Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Ubeka uphawu ezandleni zabantu ukuze bonke abantu bayazi imisebenzi yakhe.


owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngesikalo namagquma ngezisindo, na?


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.


“Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.


Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite