Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 111:10 - IsiZulu 2020

10 Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 111:10
22 Referans Kwoze  

Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na?


“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.


“ ‘Awuyukusiqalekisa isithulu, awuyukubeka isikhubekiso phambi kwempumputhe, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite