Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 110:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 110:1
23 Referans Kwoze  

Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na?


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe:


Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Simakade, Nkulunkulu wethu, yeka ukubabazeka kwegama lakho emhlabeni wonke! Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu.


Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


UDavide, inkosi, wasukuma wama ngezinyawo, wathi: “Ngilaleleni bafowethu, nani bantu bami: bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade indlu yokuphumula, neyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu wethu; ngiwenzile amalungiselelo okuba ngakhe.


Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.


Impela nguyena oyokwakha ithempeli likaSimakade, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nomphristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube nokululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite