Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 109:14 - IsiZulu 2020

14 Ububi bokhokho bakhe mabukhumbuleke kuSimakade, masingesulwa isono sikanina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova; masingesulwa isono sikanina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ububi bawoyise mabukhunjulwe phambi kukaJehova; nesono sikanina masingasulwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 109:14
15 Referans Kwoze  

Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.


U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esekubonile lokho, wabaleka ngendlela eseBhethi Hagani, nokho uJehu wamhlala ezithendeni, wathi: “Mbulaleleni naye enqoleni yakhe.” Bambulala enqoleni yakhe emmangweni eGuri ongaseJibhileyamu. Wabalekela eMegido, wafela lapho.


Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaSimakade njengendlu ka-Ahabi; wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”


Insali yabakini iyogcugca iphelele ezweni lezitha zenu, nazo ziyobhubha ngenxa yobubi boyise.


ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite