Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 108:13 - IsiZulu 2020

13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla, Yena uyofihliza izitha zethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 NgoNkulunkulu sizakwenza ngesibindi, ngoba nguye ozanyathela izitha zethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 108:13
13 Referans Kwoze  

Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Makabongwe uSimakade, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela, neminwe yami, ukulwa,


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


Wawahlasela ngonya olwesabekayo, wabulala amaningi; wayesehamba wayohlala emfantwini wedwala e-Ethamu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite