Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 108:11 - IsiZulu 2020

11 Akunguwe yini Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Awukufuni yini, Nkulunkulu, lokho esikwalile? Awuyikuphuma, O Nkulunkulu, namabutho ethu na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 108:11
9 Referans Kwoze  

Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu.


Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite