Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:40 - IsiZulu 2020

40 Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Uthululela indelelo phezu kwezikhulu, azenze zizulazule ogwadule lapho kungekho ndlela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:40
23 Referans Kwoze  

Uphuca abaholi bezizwe zomhlaba ukuqonda, abahlwathizise lapho kungekho ndlela khona, ehlane, kwahlongasibi.


Uthela izikhulu ngehlazo, athukulule amabhande abanamandla.


Ngaso leso sikhathi lokho kwagcwaliseka phezu kukaNebukhadinezari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi, nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.


ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade.


Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ubulele, wadla isivini, na?’ Bese ukhuluma kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabothi, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Athi: “Uyokuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kanye nawo na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide ngokwenani lamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo esisodwa esihlasele bonke, ngisho namakhosi enu.


Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.


Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.


“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


USimakade wenza kanjalo, izinkumbi zezibawu zahlasela indlu kaFaro, nezindlu zezinceku zakhe, nalo lonke iGibhithe, kwaba nomonakalo ngenxa yezibawu.


Wenza kanjalo, u-Aroni welula isandla sakhe esasiphethe induku, washaya uthuli lomhlabathi, omiyane banamathela abantu nezilwane ngokufanayo. Lonke uthuli lomhlabathi lwaphenduka omiyane kulo lonke iGibhithe.


Umfula iNayili uzogcwala amasele, azokwenyuka, enyukele endlini yakho, nasekamelweni lakho, embhedeni wakho, nasemizini yezinceku zakho, neyabantu bakho, nakohhavini nasezitsheni zokuxovela inhlama.


Amasele azokhuphukela kuwe nakubantu bakho, nakuzo zonke izinceku zakho.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite