Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:33 - IsiZulu 2020

33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi, isigagadu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Wenza imifula ibe ugwadule, nemithombo yamanzi emhlabathini owomileyo;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:33
16 Referans Kwoze  

Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Ngiyakuchitha izintaba namagquma kube yize, ngomise konke okumile kukho, ngiyokwenza imifula ibe yiziqhingi, ngishise amachibi.


Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho, abhubhise i-Asiriya, iNineve alenze libe yincithakalo, lome njengehlane.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.


Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo uqothule amadlelo asendle.


Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi; izwe nakho konke okukulo, ngilibhubhise ngesandla sabafokazi, ngokuba Mina Simakade sengikhulumile.”


Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.


Oshoyo kuwo umsinga, athi: ‘Yisha, ngiyayomisa imifula yakho;’


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


U-Ahabi wathi ku-Obhadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singabufumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite