Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:2 - IsiZulu 2020

2 Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Basho kanje abahlengiweyo bakaJehova abahlengileyo esandleni sesitha;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:2
20 Referans Kwoze  

ukusinika ukuba sikhululwe esandleni sezitha zethu; siyikhonze singenakwesaba


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso.


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Akuyukuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyukukhuphukela khona; lokho akuyukufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami.


“Ngiyakukukhulula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabanonya.”


Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


Ngokuba uSimakade umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite