Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:12 - IsiZulu 2020

12 Inhliziyo yabo wayithobisa ngokuhlupheka, bawa, kepha akubanga bikho obasizayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho wehlisela kalukhuni izinhliziyo zabo; bawa, akwabakho osizayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:12
19 Referans Kwoze  

Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”


Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


“UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe; bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.


Ngenxa yezono zethu, isivuno salo esikhulu sesidliwa ngamakhosi owabeke phezu kwethu. Abusa thina nemfuyo yethu ngokuthanda kwawo. Sisenhluphekweni enkulu.”


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wazidudula ngamandla akhe wonke; indlu yawela phezu kwamakhosi, nabo bonke abantu ababekuyo. Ngakho-ke labo ababulala ngesikhathi sokufa kwakhe babebaningi kunalabo ababulala esaphila.


Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.


AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.


USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite