Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 106:3 - IsiZulu 2020

3 Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 106:3
29 Referans Kwoze  

Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;


Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


Ngokuba noma ngubani owenza intando kaNkulunkulu, nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni.


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade.


Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho.


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Ngakho-ke bami phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, bamkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nalowo ohleli esihlalweni sobukhosi uyakwendlala ithabanakeli phezu kwabo.


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?


“Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite