Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 106:23 - IsiZulu 2020

23 Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 106:23
19 Referans Kwoze  

“Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


“Nansi inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami; umphefumulo wami uyathokoza ngaye. Ngiyakufaka uMoya wami kuye, amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


Anenyukelanga ezikhaleni, navala ugange lwendlu ka-Israyeli, ukuze nimelane nempi ngosuku lukaSimakade.” ’ ”


nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”


“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile.


Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.


Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


“Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa.


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite