Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 105:8 - IsiZulu 2020

8 Kuyoze kube phakade esikhumbula isivumelwano sakhe, izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wasikhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo ezizukulwaneni eziyinkulungwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 105:8
17 Referans Kwoze  

Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Abamesabayo ubapha ukudla, isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.


Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,


Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Wathumela ukuhlengwa kubantu bakhe, wamisa isivumelwano sakhe kuze kube phakade. IGama lakhe lingcwele, futhi liyesabeka.


Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


“Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.


USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.


ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.”


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite