Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 105:42 - IsiZulu 2020

42 USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Ngokuba wacabanga ngesithembiso sakhe esingcwele nango-Abrahama inceku yakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 105:42
12 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.


USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”


Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,


Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.


nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite