Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 105:25 - IsiZulu 2020

25 Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Waguqula izinhliziyo zabo ukuba bazonde abantu bakhe, baziphathe ngobuqili izinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 105:25
11 Referans Kwoze  

Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili.


Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


“Lapho nibelethisa abesifazane bamaHebheru sebesesigqikini sokubeletha, nibona ukuthi ngumfana, niyakumbulala, kodwa uma kuyintombazane niyiyeke iphile.”


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite