Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 105:16 - IsiZulu 2020

16 Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngaphezu kwalokho, wabiza indlala phezu kwezwe; waluhlephula lonke udondolo lwesinkwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 105:16
17 Referans Kwoze  

Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela.


Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


“Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibhithe naseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; okhokho kabakutholanga ukudla.


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”


Kwakungekho kudla ezweni lonke, ngokuba indlala yayibhokile eGibhithe naseKhanani.


Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Sizakufelani phambi kwakho na? Sithenge nemihlaba yethu, ukuze thina nemihlaba yethu sibe yizigqila zikaFaro, siphile, futhi sithole imbewu, singafi, nezwe lingabi yihlane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite