Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 105:12 - IsiZulu 2020

12 Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho besengamadoda ambalwa nje ngenani; yebo, bambalwa kakhulu, futhi abangabazi kulokho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 105:12
11 Referans Kwoze  

“USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


“Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.”


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nesiqinti esingangonyawo, kodwa wethembisa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nenzalo yakhe, emva kwakhe, engakabi namntwana.


Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite