Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 104:32 - IsiZulu 2020

32 Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 104:32
16 Referans Kwoze  

Thobisa amazulu akho, Simakade, wehle, thinta izintaba, zithunqe.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Intuthu evela kuso yenyuka kuze kube phakade naphakade.”


Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite