Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 104:31 - IsiZulu 2020

31 Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 104:31
17 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.


makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”


Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.


Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba uSimakade ulakhile iZiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite