Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 104:24 - IsiZulu 2020

24 Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! zonke wazenza ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele ingcebo yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 104:24
22 Referans Kwoze  

Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,


owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.


Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.


Labo bayibona imisebenzi kaSimakade nezimangaliso zakhe ekujuleni,


Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite