Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 104:21 - IsiZulu 2020

21 Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Amabhongo ezingonyama abhongela impango yawo, afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 104:21
11 Referans Kwoze  

“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,


Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo uqothule amadlelo asendle.


Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.


Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.


Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?


Maye, sekububula nemfuyo! Imihlambi yezinkomo yehla yenyuka ikhungathekile, ngokuba ayinamadlelo, nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.


Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


Amehlo abo bonke alinda Wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.


Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite