Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:20 - IsiZulu 2020

20 Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Dumisani uJehova, nina zingelosi zakhe, enibusa ngamandla, enigcina imiyalo yakhe, nilalele izwi lezwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:20
14 Referans Kwoze  

Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe wonke.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na?


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


Abantu badla isinkwa sezingelosi, wabathumelela insada yokudla.


mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


Mnikeni udumo uSimakade, nina zidalwa zezulu. Mnikeni uSimakade udumo, inkazimulo namandla.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza.


Konke makudumise igama likaSimakade, ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka.


“Mina-ke, ngonyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite