Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:18 - IsiZulu 2020

18 abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:18
19 Referans Kwoze  

Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


Uma abantwana bakho besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyobafundisa bona, impela abantwana babo bayohlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”


Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.


UMose wathatha igazi wafafaza ngalo abantu, wathi: “Bhekani, leli yigazi lesivumelwano uSimakade asenze nani ngawo wonke lawa mazwi.”


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.


Niyohlala nikhumbula ukugcina yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.


“Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.


Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite