Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:1 - IsiZulu 2020

1 Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:1
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.”


Pho kumele ngenzenjani na? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke futhi nangengqondo; ngizakuhuba ngomoya, ngihube futhi nangengqondo.


Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.


Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,


UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo!


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi,


Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite