Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 102:4 - IsiZulu 2020

4 Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 102:4
21 Referans Kwoze  

Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.


ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino.


Ngikhumbula uNkulunkulu, ngibubule; ngiyazindla, umoya wami udangele. Sela


U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.


Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, futhi engaphuzi.


Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka.


Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe.


Izinsuku zami zifana nethunzi seliyoshona, mina luqobo, ngibuna njengotshani.


Ngikhume umlotha njengesinkwa, nengikuphuzayo ngakuxubanisa nezinyembezi,


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele ngaphakathi kimi; ngizokukhumbula eJordani naseHermoni nasentabeni iMizari.


Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla akade ekufisa.


“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.


Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla.


Isikhumba sami sesimnyama, siyaxebuka; amathambo ami ayavutha ngukushisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite