Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 101:8 - IsiZulu 2020

8 Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 101:8
16 Referans Kwoze  

Wonke amandla ezikhohlakali ngiyowaqeda nya, kodwa ngiwandise awabalungileyo.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini, kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwehlulela, ihlunga konke okubi ngamehlo ayo.


Njengalokhu sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla, emzini kaNkulunkulu wethu, uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Inkosi ehlakaniphileyo iyazihlakaza izikhohlakali; ukushinga kwazo ikuthele phezu kwazo.


Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke, intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite