Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:5 - IsiZulu 2020

5 Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izindlela zakhe zinzima njalo; izahlulelo zakho zikude nobuso bakhe; zonke izitha zakhe, Uzivuthela phezu kwazo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:5
23 Referans Kwoze  

Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


ngokuba nithe: “Senze isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esiyishoba sedlula, asiyukuza kithi, ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu, sacasha phansi kwenkohlakalo.”


Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,


Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.


Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.


Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.


abandlela zabo zigwegwile, nemikhondo yabo imazombezombe.


abadela izindlela zobuqotho, bahambe ebumnyameni.


Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.


Bheka, kwasondela umphrofethi ku-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku esikhulu? Ngizosinikela esandleni sakho namuhla, ukuze wazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”


UZebhuli wathi kuye: “Kuphi ukuziqhayisa kwakho manje, wena obuthi: ‘Ungubani u-Abhimelekhi ukuba simkhonze, na?’ Akuwona yini lawa amabutho obuwathatha kalula, na? Phuma manje, ulwe nawo.”


Zaya emasimini, zabutha amagilebhisi ezivinini zazo, zawagxoba, zagubha umkhosi. Zaya ethempelini likankulunkulu wazo, zadla, zaphuza, zahlekisa ngo-Abhimelekhi.


UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite