Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:13 - IsiZulu 2020

13 Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kungani ababi bedelela uNkulunkulu? wathi enhliziyweni yakhe: Kawuyikufuna.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:13
13 Referans Kwoze  

“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Inkosi uJowashi ayikhumbulanga ukwethembeka ayenakho kuye uJehoyada uyise ngesikhathi ibulala indodana yakhe. Lapho isifa yathi: “USimakade makakubone lokhu, aphindisele.”


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


Maqondana negazi lenu okukulo ukuphila, ngiyakuliphindiselela kuzo zonke izilwane ngisho noma nibulalane nodwa.


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite