Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 1:1 - IsiZulu 2020

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 1:1
52 Referans Kwoze  

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, futhi angizange ngithokoze; ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima besandla sakho, ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Ndodana yami, ungazibandakanyi nabo, ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo,


Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi.


Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo; izeluleko zezikhohlakali zikude nami.


Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.


Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.


“Ubusisiwe umuntu othembela kuSimakade, nothemba lakhe linguSimakade.


Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.


Ukuhlakanipha kuyokophula endleleni yokubi, nakulabo abakhuluma okuphambene,


Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Izedeleli uyazedelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma wedelela, uyakukuthwala wena wedwa.”


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.


Babusisiwe abantu abayokwehlelwa yizibusiso ezinjalo, babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguSimakade.


UJesu wathi kuye: “Ngenxa yokuba usungibonile, usuyakholwa yini na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.


Ngifihle kuyo inguyazana yababi, nasesixukwini sabenza okubi,


“Uma ngihambe ngokukhohlakala, nonyawo lwami lusheshile ukuya enkohlakalweni,


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?


U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi elulekwa ngunina ukuba enze okubi.


Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Niyakuzidla zonke izilwane ezinezinselo ezihlukene, ezinezinselo ezihlukene kabili, nezetshisayo phakathi kwezilwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite