Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:6 - IsiZulu 2020

6 Zonke izakhamuzi zaseShekhemi nalo lonke iBhethi Milo zahlangana ngasensikeni yomu-okhi eShekhemi, zahamba zambeka u-Abhimelekhi, waba yinkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Base bebuthana bonke abantu baseShekemi nendlu yonke yeMilo, bahamba bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:6
8 Referans Kwoze  

UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila.


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.


URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi.


UJoshuwa wawaloba lawa mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi komu-okhi, endaweni engcwele kaSimakade.


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.


Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite