Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:5 - IsiZulu 2020

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:5
15 Referans Kwoze  

UJehoramu esemile embusweni kayise waziqinisa impela, wabe esebulala bonke abafowabo ngenkemba, nabathile ababengabaholi kwa-Israyeli.


UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.


yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, uye kwa-Israyeli, ngokuba ababezingela impilo yomntwana sebefile.”


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Esefike eSamariya, wababulala bonke abendlu ka-Ahabi ababesasele lapho, waze wabaqeda nya njengezwi likaSimakade alikhuluma ku-Eliya.


“Shonini kuzwa zonke izikhulu zaseShekhemi, ukuthi: ‘Yikuphi okungcono kini, ukuba nibuswe yiwo wonke amadodana kaJerubhali angama-70 noma nibuswe ngumuntu oyedwa, na?’ Khumbulani futhi ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”


UGideyoni wayenamadodana angama-70 ayephume okhalo lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.


Zonke izakhamuzi zaseShekhemi nalo lonke iBhethi Milo zahlangana ngasensikeni yomu-okhi eShekhemi, zahamba zambeka u-Abhimelekhi, waba yinkosi.


kodwa namhlanje niyivukele indlu kababa, nabulala amadodana akhe, angama-70 etsheni elilodwa, nabeka u-Abhimelekhi, indodana yowesifazane oyisigqila, ukuba abe yinkosi phezu kwezakhamuzi eShekhemi, ngoba nje eyisihlobo senu,


Kwathi ukuba bayithole incwadi, bawathatha wonke amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangama-70, bafaka amakhanda awo emaqomeni, bawathumela kuJehu eJizreyeli.


Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.


Ngakho-ke woza ngikweluleke ukuze usindise impilo yakho neyendodana yakho, uSolomoni.


Funa kuthi lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyisemkhulu, mina nendodana yami, uSolomoni, kuthiwe sinecala.”


UJowashi wahlala efihlwe lapho endlini kaSimakade iminyaka eyisithupha, ngesikhathi izwe libuswa ngu-Athaliya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite