Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:28 - IsiZulu 2020

28 UGali, indodana ka-Ebhedi, wabuza wathi: “Ungubani u-Abhimelekhi, futhi singobani thina baseShekhemi ukuba singakhonza yena, na? Ayikaze yini indodana kaJerubhali noZebhuli, induna yakhe, bakhonze emadodaneni kaHarmori uyise kaShekhemi, na? Pho thina simkhonzelani, na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UGali indodana ka-Ebedi wathi: “Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali,* noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wayesethi uGahali indodana ka-Ebedi: “Ngubani u-Abimeleki, ungubani uShekemi ukuba simkhonze na?” akayona indodana kaJerubali na? noZebhule induna yakhe? khonzani amadoda kaHamori uyise kaShekemi, ngokuba thina siyakumkhonza ngani na?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:28
8 Referans Kwoze  

UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.


UHamori, uyise kaShekhemu wahamba waya kuJakobe eyokhonga.


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Kwathi lapho uGali, indodana ka-Ebhedi, ethuthela eShekhemi nezihlobo zakhe, izakhamuzi zaseShekhemi zethembela kuye.


Wathenga isiqinti kuleyo nsimu ayegobe kuyo amadlangala, emadodaneni kaHamori, uyise kaShekhemu; sasibiza ikhulu lezinhlamvu zesiliva zenani eliphezulu.


U-Abhimelekhi wahlala e-Aruma, uZebhuli wamxosha uGali nezihlobo zakhe, ukuze bangaphinde bahlale eShekhemi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite