Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:34 - IsiZulu 2020

34 Abakwa-Israyeli abamkhumbulanga uSimakade uNkulunkulu wabo, owayebakhulule esandleni sazo zonke izitha zabo ezazibazungeze nxazonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Abantwana bakwa-Israyeli abamkhumbulanga uJehova uNkulunkulu wabo owabakhulula esandleni sezitha zabo zonke nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:34
10 Referans Kwoze  

Kabazange bawakhumbule amandla akhe, nosuku abahlenga ngalo ezitheni,


Bayikhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe ayebabonise khona.


Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Abaceba ukwenza ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na?


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite