Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:33 - IsiZulu 2020

33 Kwathi ukuba uGideyoni afe, abakwa-Israyeli babuye baphinga noBhali, benza uBhali Bherithi waba ngunkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Kwathi lapho uGideyoni efa, abantwana bakwa-Israyeli baphenduka baphinga ngokulandela oBhali, benza uBhali-bheriti unkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:33
17 Referans Kwoze  

Kwathi ukuba zizwe ngalokho izakhamuzi zombhoshongo eShekhemi, zangena enqabeni yethempeli lika-Eli Bherethi.


Zamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-70 ezazizithathe ethempelini likaBhali Bherethi; u-Abhimelekhi aqasha ngazo iziduphunga nezixhwanguxhwangu zamadoda, ukuba zimlandele.


Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaSimakade izinsuku zonke zakhe, ngesikhathi uJehoyada umphristi emyala.


Zaya emasimini, zabutha amagilebhisi ezivinini zazo, zawagxoba, zagubha umkhosi. Zaya ethempelini likankulunkulu wazo, zadla, zaphuza, zahlekisa ngo-Abhimelekhi.


U-Israyeli wamkhonza uSimakade ngazo zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangezamalunga aphila izinsuku ezedlula ezikaJoshuwa, futhi ayekwazi konke uSimakade ayekwenzele u-Israyeli.


bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.


UGideyoni, indodana kaJowashi, wafa esekhulile, wangcwatshwa ethuneni likayise uJowashi e-Ofira kwa-Abhiyezeri.


Abaceba ukwenza ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na?


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite