Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:27 - IsiZulu 2020

27 UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UGideyoni wenza ngayo ingubo, walibeka emzini wakhe e-Ofira; wonke u-Israyeli waphinga khona, yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:27
26 Referans Kwoze  

Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo.


Amadoda ayisihlanu ayekade ezohlola iLayishi athi kubafowabo: “Niyazi nje ukuthi kulezi zindlu kukhona ingubo yamahlombe, netherafimi nesithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, na? Cabangisisani ukuthi nizokwenzenjani.”


Leyo ndoda enguMikha yayinendlu enonkulunkulu, yenza ingubo yamahlombe netherafimi, yabeka enye yamadodana ayo ukuba ibe ngumphristi wayo.


Lawo madoda ayisihlanu ayekade eyohlola izwe angena, athatha isithombe esibaziweyo, ingubo yamahlombe, itherafimi nesithombe esibunjiweyo. Umphristi wayemi ngasekungeneni kwesango namadoda angama-600 ayehlomile.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.


Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Isisindo samacici egolide ayewacelile saba yi-1 700 amashekeli egolide, ngaphandle kwemihlobiso enhlobonhlobo nezingubo ezibukhwebezane ezazembathwa ngamakhosi akwaMidiyani, nemigexo eyayisezintanyeni zamakameli abo.


AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.


Wawathatha ezandleni zabo, wawancibilikisa, wabumba, waqopha, wenza ithole ngalolo bumba. Abantu bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”


bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo.


Ukukhazimula kwemvunulo yakho kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe zabo ezinengekayo nezinto zabo ezenyanyekayo, ngalokho ngiyakukwenza kube yinto engcolileyo kubo.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite