Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:24 - IsiZulu 2020

24 Wayesethi uGideyoni kubo: “Ngiyacela kini, makube yilowo nalowo anginike icici kulawo eniwaphangile.” Isitha besinamacici egolide ngokuba bekungesakwa-Ishmayeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wasesithi kubo: Ngizacela isicelo kini ukuthi linginike, ngulowo lalowo ecicini lempango yakhe. (Ngokuba babenamacici egolide, ngokuba babengama-Ishmayeli.)

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:24
17 Referans Kwoze  

Lawa ngamagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwelamana kwawo: izibulo kwakunguNebhayothi, kulandele uKheda, u-Adibhiyeli, uMibhisamu,


Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.


Inkosi yakwa-Israyeli yaphendula, yathi: “Mtsheleni nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengalowo ozikhumulayo.’ ”


Ngisithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama engikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi na?”


Bonke abantu bawakhumula amacici ayesezindlebeni zabo, bawaletha ku-Aroni.


Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.


Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.


Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,


Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.


Bathi: “Sizokunika wona ngokukhululeka.” Ngakho-ke bendlala ingubo, kwayilowo nalowo waphonsa icici ayelithathe njengempango.


Nazi izizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abhrahama, ayizalelwa yisigqila sikaSara, uHagari umGibhithe.


Wawathatha ezandleni zabo, wawancibilikisa, wabumba, waqopha, wenza ithole ngalolo bumba. Abantu bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Basheshe baphambuka endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhipha eGibhithe.’ ”


Ukukhazimula kwemvunulo yakho kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe zabo ezinengekayo nezinto zabo ezenyanyekayo, ngalokho ngiyakukwenza kube yinto engcolileyo kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite