Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:23 - IsiZulu 2020

23 UGideyoni wathi kubo: “Angizukunibusa, nendodana yami ayizukunibusa; nguSimakade ozonibusa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wayesethi uGideyoni kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; uJehova uyakubusa phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:23
14 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


“Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.


Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.


Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.


Abakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho nomzukulu wakho, ngokuba usikhululile esandleni sabakwaMidiyani.”


USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.


U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite