Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:10 - IsiZulu 2020

10 Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:10
17 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.


Yathi ukuba ibone inkosi yakwaMowabi ukuthi impi inamandla amakhulu kuneyayo, yaqoqa amabutho angama-700 ahosha inkemba, azama ukujikijela ngayo inkosi yakwa-Edomi, kodwa ehluleka.


AbakwaBhenjamini ababulawa ngalolo lusuku kwakungamadoda ayizi-25 000 ayehlome ngezinkemba, futhi wonke engamaqhawe.


USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.


Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.


AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.


Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


Abakwa-Israyeli bathumba abafowabo abayizi-200 000, abesifazane, amadodana namadodakazi, babaphanga impango eningi, babayisa eSamariya.


UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.


Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.


UGideyoni wakhuphuka ngomzila walabo ababehlala emathendeni ngasempumalanga kwaseNobha, naseJogibheha, wayihlasela impi ngoba yayingazelele.


Ngesikhathi efika uGideyoni, enye yamadoda yayixoxela umngani wayo iphupho layo, ithi: “Ngibe nephupho; ngiphuphe iqebelengwane lesinkwa esiyindilinga sebhali ligingqikela enkanjini yakwaMidiyani. Lifike lashaya ithende lawa, lagumbuqela, lapatalala.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite