Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:4 - IsiZulu 2020

4 USimakade wathi kuGideyoni: “Abantu basebaningi kakhulu, yehla nabo uye emanzini, ngizokuvivinyela bona lapho. Uma ngithi: ‘Lona uzohamba nawe,’ uzohamba nawe; uma ngithi: ‘Lona akazukuhamba nawe,’ akayukuhamba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu basebaningi kakhulu; behlisele emanzini, ngikuvivinye khona. Futhi noma ubani engizothi kini kuwe: Akuyikuhamba nawe, makangahambi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:4
10 Referans Kwoze  

Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.


Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Wehlela ngasemanzini namabutho; uSimakade wathi kuGideyoni: “Bonke labo abaxhapha amanzi ngolimi njengokuxhapha kwenja, bamise nganhlanye; nabo bonke labo abaguqa ngamadolo ukuba baphuze bebeka izandla emilonyeni yabo, nabo bamise nganhlanye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite