Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:24 - IsiZulu 2020

24 UGideyoni wathumela izigijimi kulo lonke elisezintabeni kwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani nilwe nabakwaMidiyani, nithathe imithombo kuze kuyofika eBhethi Bhara naseJordani.” Wonke amadoda akwa-Efrayimi abizwa, athatha imithombo yamanzi kwaze kwayofika eBhethi Bhara naseJordani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wathuma izithunywa ezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani niye kwabakwaMidiyani, niwathumbe amanzi phambi kwabo kuze kube seBeti Bara naseJordani; Khona-ke bonke abantu bakwa-Efrayimi babuthana ndawonye, bathatha amanzi kwaze kwaba seBeti Bara naseJordani.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:24
7 Referans Kwoze  

Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Ngiyanincenga manje, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Khristu nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nibambisane nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,


Konke lokhu kwenzeka eBhethani, ngaphesheya komfula iJordani, lapho uJohane wayebabhabhadisa khona.


AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,”


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


UNkulunkulu unikele esandleni senu abakhuzi bempi yakwaMidiyani, u-Orebhi noZebhi; yini engiyenzile engaqhathaniswa nenikwenzile, na?” Lapho esho lokhu, ulaka lwabo lwabohla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite