Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:20 - IsiZulu 2020

20 Omathathu amaqembu abetha amacilongo, abulala izitsha ayeziphethe, ephethe izihlonti ngezandla zawo zokudla, ashaya amacilongo amemeza, athi: “Inkemba kaSimakade nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amalungu amathathu abetha amacilongo, aphihliza izitsha, aphatha izibani ngesandla sobunxele namacilongo ngezandla zokunene ukuba awashaye; bamemeza bathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:20
14 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala.


Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina.


UGideyoni nabayikhulu ababehamba naye bafika emaphethelweni enkambu yakwaMidiyani ngokuqala komlindo ophakathi, lapho abaqaphi bephuma kungena abanye; babetha amacilongo baphihliza izitsha ezazisezandleni zabo.


Wonke amadoda ama, yileyo naleyo endaweni yayo ezungeze inkambu, wonke amadoda ayesenkanjini akhala, abaleka, acela empunzini.


Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.


“Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite