Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:11 - IsiZulu 2020

11 uyokuzwa abakushoyo, emveni kwalokho uyakuqina idolo, wehlele enkanjini.” Wahamba noPhura, inceku yakhe, waya emaphethelweni alabo abahlomile ababesenkanjini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi kumelwe uzwe lokho abakushoyo; ngasemuva izandla zakho ziyakuqiniswa ukuba wehlele empini. Wayesehla noPhura inceku yakhe, baya ngaphandle kwabahlomile ababesempini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:11
15 Referans Kwoze  

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.


UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.


Sengathi intombi engiyokuthi kuyo: ‘Ngicela uke uyethule imbiza yakho, ungiphuzise,’ iphendule ithi: ‘Phuza, futhi ngizowaphuzisa namakameli akho,’ kungaba yileyo oyimisele inceku yakho u-Isaka. Ngalokho ngiyoqiniseka ukuthi uyenzele isihawu inkosi yami.”


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.


Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.”


Abantu ababesebuthweni lamaFilisti babamemeza uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani lapha kithi, sizonitshela okuthile.” UJonathani wayesethi odibini lwakhe: “Khuphuka ungilandele, ngokuba uSimakade ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


Kepha uma wesaba ukuyihlasela, yehlela enkanjini nenceku yakho uPhura,


UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite