Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:1 - IsiZulu 2020

1 UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJerubali, onguGideyoni, namadoda onke ayenaye, bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; impi yamaMidiyani yayisenyakatho yabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:1
14 Referans Kwoze  

Kusukela ngalolo lusuku uGideyoni wabizwa ngokuthi nguJerubhali, okungukuthi: “UBhali makalwe naye,” ngoba nguye owabhidliza i-althare lakhe.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade.


Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.


Lezi zindawo azingaphesheya yini kweJordani endleleni ebheke entshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, maqondana neGiligali ngaseceleni kwemi-okhi eMore, na?


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


UNkulunkulu wenza kanjalo ngalobo busuku. Uboya babomile, kukhona amazolo emhlabathini wonke.


UJerubhali, indodana kaJowashi, wahamba wayohlala endlini yakhe.


USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.


uShama wakwaHarodi, u-Elika wakwaHarodi,


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera nakuJabhini ngasemfuleni iKishoni,


Kwase kubuthana bonke abakwaMidiyani, abase-Amaleki, nabantu basempumalanga, bawela iJordani, bakanisa esigodini iJizreyeli.


AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite