Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke abakwa-Israyeli babengenalutho ngenxa yabakwaMidiyani, base bekhala abantu bakwa-Israyeli kuSimakade, bacela usizo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Israyeli waba mpofu kakhulu ngenxa yabakwaMidiyani; abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:6
13 Referans Kwoze  

Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


Lapho abakwa-Israyeli bekhala kuSimakade ngenxa yabakwaMidiyani,


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite