Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:27 - IsiZulu 2020

27 UGideyoni wathatha izinceku zakhe ezilishumi, wenza njengalokhu uSimakade emtshelile, kodwa ngenxa yokuba wayesaba abomndeni wakubo nabantu bomuzi, kakwenzanga lokhu emini, kodwa ebusuku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe, wenza njengalokho uJehova ekhulumile kuye; kwathi lokhu ebesaba abendlu kayise nabantu bomuzi ukuba angakwenzi emini, wakwenza ebusuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe, wenza njengokusho kukaJehova kuye; futhi ngenxa yokuthi wayesaba indlu kayise namadoda omuzi, kangangokuthi wayengenakukwenza emini, wakwenza ebusuku.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:27
10 Referans Kwoze  

kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


bese wakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho phezu kwaleyo nqaba elapho ngokuhlelekileyo, uthathe inkunzi yesibili, uyinikele njengomnikelo wokushiswa phezu kwezinkuni zensika engcwele ozakuyigawula.”


Lapho bevuka ngakusasa ekuseni abantu bomuzi, i-althare likaBhali libhidliziwe, nensika engcwele eseduze kwalo igawuliwe, nenkunzi yesibili inikelwe phezu kwe-althare elalakhiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite