Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:22 - IsiZulu 2020

22 Kwamkhanyela uGideyoni ukuthi bekuyingelosi kaSimakade; wayesethi uGideyoni: “Maye, Nkosi Simakade! Ngokuba ngibonile ingelosi kaSimakade ubuso nobuso.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwathi uGideyoni ebona ukuthi iyingelosi kaJehova, uGideyoni wathi: “Awu, Nkosi Jehova! ngokuba ngabona ingelosi kaJehova ubuso nobuso.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:22
12 Referans Kwoze  

UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”


Wathi: “Awunakububona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona qede aphile.”


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Kepha uSimakade wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuzukufa.”


Laphuma ilanga lapho edlula ePheniyeli, eqhuga ngenxa yokubhinyika inyonga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite